Nakuba u Mthethosisekelo wo Mthetho we Riphabhulikhi yase Ningizimu, 1996 uMthetho.
Manje ke, u Mqondisi-Jikelele wo Mnyango wezindaba zezamanzi namahlathi, njengomphathi wehhovisi lemininingwane kulo Mnyango, ukhiphela umphakathi ibhukusichazi lokugqugquzela ukufinyeleleka kolwazi oluphethwe ngu Mnyango njengoba kufunwa yilesigaba 14 so Mthetho woku Phakamisa Ukufinyeleleka kolwazi.
Leli yibhukusichazi lo Mnyango Wezindaba Zezamanzi Namahlathi ngokwesigaba 14 so Mthetho wokuPhakamisa ukufinyeleleka kolwazi, ka- 2000 (Umthetho 2 ka 2000) [u Mthetho].
Incazelo yesimo so Mnyango kanye nemisebenzi yawo.
OMnyango, umphathi wehhovisi lolwazi kanye nawo wonke amasekela akhe.
Imininingwane eyenabile yokugqugquzela ukufinyeleleka kwanoma yiluphi ulwazi oluphethwe ngu Mnyango.
Isaziso sakamuva ngokwesigaba 15 so Mthetho, esiphethe yonke imininingwane, ephethwe ngu Mnyango futhi etholakala kalula kuwowonke umuntu ngaphandle kwesidingo sokufaka isicelo ku Mnyango.
Incazelo yezinsizakalo ezingatholwa ngumphakathi nokuthi zifinyeleleka kanjani lezo zinsizakalo.
Ukulandelelwa kwamaqhinga ahlose ukunciphisa ukufuneka kwamanzi, ngenhloso yokukhuthaza ukongiwa kwamanzi ngokulawula ukufuneka kwawo d Ukuphakamisa ukwabiwa ngokulingana, ukusebenzisa ngobuqotho kanye nokusimamisa imithombo yamanzi kanye nokusungula izinhlelo ezihehayo zolawulo.
Izinsizakalo Zezamanzi a Ukungenelela ngokuthatha izinyathelo zokwenza utshalomali ngenhloso yokuhlinzeka ngensizakalo yokuletha amanzi athwalekayo, kanye nokuthuthwa kwendle kulezozindawo ebezingayitholi lensizakalo ngaphambilini b Ukuphakamisa ukudluliswa kohlelo lwezinsizakalo zamanzi oluphethwe ngu Mnyango ukuze kwabelane izizinda zezinsizakalo zamanzi c Ukulawula nokuqondisa izenzo zamabhodi amanzi d Ukwexhasa Iziphathimandla zasekhaya ekuqaliseni indlela yokuthatha umsebenzi wokuhlinzeka ngamanzi, kanye nokulungisa izinhlelo Zokuthuthukisa Izinsizakalo Zezamanzi e Ukumisa nokuthuthukisa ukulawulwa kwezinsizakalo zezamanzi kanye nezinsizakalo zokuthola imininingwane f Ukubuyekeza indlela yokubhekana nokuhlinzeka ngezokuthuthwa kwendle ngenhloso yokuphumelelisa ukusimama, ukugculisa, ukwanelisa kanye nokukwazeka ukukhokheleka kwezinsizakalo kanye nokuqhubezela phambili umkhankaso kazwelonke ukuthi uhlaziye ukuhamba kancane kwezinsizakalo zezokuthuthwa kwendle g Ukumisa Umnyango ube ngothuthukisa umthethomgomo wezinsizakalo zezamanzi, yisizinda sokwexhasa, ukulawula kanye nokuhambisa ngendlela.
Ngoko Mthetho Umqondisi-Jikelele ungumphathi wehhovisi Lolwazi we- DWAF. Umqondisi-Jikelele, ngoko Mthetho, wedlulisele amandla nemisebenzi kumasekela baphathi bamahhovisi Olwazi ukuthi baphakamise u Mthetho wokufinyeleleka Kolwazi. Amagama abo kanye nemininingwane yokuxhumana nabo kukwithebula ngezansi.
Iphini Likamqondisi: Imininingwane Nokuhlelwa Kolawulo.
Ngokwesigatshana 1 sesigaba 10 so Mthetho, ukhomishani wezamalungelo abantu kumele kuthi nganeno kwezinyanga ezingu 18 ngemuva kokuqalisa kwalesisigaba, enze umqulu oqukethe lemininingwane ngazo zonke izilwimi ezisemthethweni, ngendlela elula futhi eqondekayo, njengoba kungadingwa ngumuntu ofisa ukusebenzisa noma yiliphi ilungelo elibekwe yilo Mthetho.
Ocelayo kumele futhi acacise ukuthi ucela isishicilelo copy sombhalo oqoshiwe noma ufuna ukuza azozibhekela umbhalo oqoshiwe emahhovisi ethimba lomphakathi. Okanye uma umbhalo oqoshiwe ungelona ibhukwana ungabhekwa kulona ifomu elifuniwe, lapho kungenzeka isigaba 292.
Uma umuntu ecela ukufinyelela ngendlela ethile lowo ocelile kumele athole ukufinyelela ngendlela ayicelile, ngaphandle uma lokho kwenza njalo kungaphazamisa ngendlela engamukelekile ukusebenza kwethimba elithintekayo, noma konakalise umbhalo oqoshiwe, noma kuthikameze isishicilelo okungesona sombuso. Uma ukufinyelela kungeke kuvunyelwe ngendlela eceliwe ngenxa yezizathu ezinomqondo kodwa kunganikezwa ngenye indlela, inkokhelo kumele ibalwe ngendlela umfaki sicelo afune ngayo ukufinyelela isigaba 29 no.
Uma umfaki sicelo efuna ukuthi ngaphezu kwempendulo yencwadi kwisicelo sombhalo oqoshiwe, aphinde atshelwe ngesinqumo ngenye indlela, isbns, ngocingo, lokhu kumele kuboniswe isigaba 182e.
Uma ofaka isicelo ecelela omunye umuntu imininingwane, isimo ekufakwa isicelo ngaphansi kwaso kumele sicaciswe isigaba 18 2f.
Uma ofaka isicelo engakwazi ukufunda noma ukubhala, noma enokukhubazeka, angakwazi ukusifaka ngomlomo isicelo sombhalo oqoshiwe. Iphini Lomphathi Hhovisi Lolwazi kumele limgcwalisele ifomu lowo ofake isicelo bese limnika isishicilelo isigaba 18 3.
Isekela Lomphathihhovisi Lolwazi kumele lazise umfaki sicelo (ngaphandle kozicelela ngokwakhe) ngezidingongqangi zokukhokha imali emisiwe (uma ikhona) ngaphambi ngokuqhuba isicelo.
Imali yokucela ekhokhwa kwithimba lomphakathi ngu R35. Umfaki sicelo angafaka isikhalo ngaphakathi, lapho kufanelekile, noma afake isicelo enkantolo sokuphikisana nethenda noma ukukhokha imali yokucela.
Ngemuva kokuthi Isekela Lomphathi Wehhovisi Lolwazi selithathe isinqumo ngesicelo kumele kwaziswe umfaki sicelo ngalesisinqumo ngendlela lowomfakisicelo afuna ukwaziswa ngayo.
Uma isicelo samukeliwe kumele kube sekukhokhwa imali yokufinyelela ikhokhelwa lolucwaningo, ukulungisa kanye nokukhiqiza, kanye nanoma yisiphi esikhathi esingaphezu kwamahora abemiselwe ukwenza uphando nokulungisa umbhalo oqoshiwe ukuze ukhishwe.
Ukuqinisekisa ukuthi izimiso zo Mthetho ophethwe Ngumnyango ziyathotshelwa, ngokulandela nokuqoqa imininingwane.
Kungafakwa isikhalo kuNgqongqoshe Wezindaba Zezamanzi Nezamahlathi.
Kungafakwa isicelo enkantolo ngemuva kokuthi lelothimba elingenelisekanga selizilandele zonke izinqubo zokukhalaza ngaphakathi, kodwa kungenzekanga lutho ngesikhalo salo.
Ngokwazi kwethu, leyo mininingwane ecatshangwe kwisigaba 14 (i) ayikabekwa ngu Ngqongqoshe wezobulungisa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo.
Ibhukusichazi lizobuyekezwa futhi likhishwe minyaka yonke ukuze kwaziswe umphakathi nganoma yiluphi ushintsho olungase lwenzeke kwi-DWAF. Izinqubo ezilandeliwe, ukwenza ukuthi ibhukusichazi litholakale zizolandelwa ekubuyekezeni ibhukusichazi.
Uma imisebenzi ye-DWAF isondelene/ixhumene kakhulu nemisebenzi yamanye amathimba, uNgqongqoshe, ngokucelwa noma ngokwakhe, angafuna ukuthi lamathimba enze umqulu owodwa webhukusichazi. I-DWAF kanye nelinye okanye amanye amathimba kumele babelane ngezindleko zokwenza umqulu webhukusichazi kanye nokulenza ukuthi litholakale njengoba u Ngqongqoshe engamisa. Uma imisebenzi ye DWAF ingahlobene nanoma yiliphi ithimba lomphakathi, zonke izindleko ezidalwa ukwenza umqulu webhukusichazi nokulenza litholakale, ziyothwalwa yi -DWAF.
UNgqongqoshe Wezobulungisa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo angayixolela i DWAF ekutheni ihlinzeke ngesigaba 14 so Mthetho, ngenxa yanoma yisiphi isizathu sokhuselo, ubuphathiswa noma sezimali uma nje ebona kufanele ukuthi enze njalo. UNgqongqoshe angakwenza lokhu ngokukhipha isaziso ku Somqulu Kahulumeni ngokucelwa yi DWAF noma ngokwakhe.
Imali yesishicilelo sebhukusichazi njengoba icatshangwe kwisigaba 5(c) ingu R0, 60 isishicilelo ngasinye esingusayizi wekhasi eliyi A4 noma ingxenye yalo.
Imali yokufaka isicelo ekhokhwa yiwo wonke umuntu ocelayo, ngaphandle kwalowo ozicelelayo, ekhonjwe kwinqubomgomo 7 ingu R35, 00.
Ukufuna kanye nokulungisa umbhalo oqoshiwe ukuze ukhishwe, , R15, 00 ihora noma ingxenye yalo, ngaphandle kwehora lokuqala, ngokudingeka ngokunomqondo ngalokhu kufuna nokulungisa.
a amahora ayisithupha akumele adlule ngaphambi kokuthi kukhokhwe imali yediphozithi; futhi b Okukodwa kokuthatha kwimali yokufinyelela kumele kukhokhwe njengediphozithi yilowo ofake isicelo.
Imali yokuposa ikhokhwa uma umfaki sicelo eseposelwa isishicilelo sombhalo oqoshiwe.
Isicelo satholwa (yisho umkhakha, igama nesibongo kukamphathi wehhovisi/iphini lomphathi wehhovisiic) zingu (usuku) (indawo).
Imali yokufaka isicelo (uma ikhona): R...
Idiphozithi (uma ikhona): R...
Imali yokufinyelela: R...
B. Imininingwane yabantu abafaka izicelo zokufinyelela kumbhalo oqoshiwe a Imininingwane yomuntu ocela ukufinyelela kumbhalo oqoshiwe kumele iqoshwe ngezansi.
b Nikeza ikheli kanye/noma inombolo yesikhahlamezi esisemphakathini lapho kumele kuthunyelwe khona imininingwane.
c Ubufakazi besimo okwenziwa isicelo ngaphansi kwaso, uma kufanele, kumele bufakwe.
Lengxeny kumele igcwaliswe kuphela uma isicelo sifakelwa omunye umuntu.
D. Imininingwane yombhalo oqoshiwe a Nikeza ngemininingwane egcwele yombhalo oqoshiwe okucelwa ukufinyelela kuwo, sekuhlangene nenombolo eyinkomba uma uyazi, ukuze kukwazeke ukuthi kutholakale umbhalo oqoshiwe.
b Uma isikhala esihlinzekiwe sisincane sicela uqhubeke kwelinye ikhasi ulixhume kulefomu. Umfakisicelo kumele asayine wonke amakhasi angeziwe.
E. Izimali a Isicelo sokufinyelela kumbhalo oqoshiwe, ngaphanye kombhalo oqoshiwe oqukethe imininingwane eqondene nawe, siyoqhutshwa kuphela ngemuva kokuthi sekukhokhwe imali yokufaka isicelo.
b Uyokwaziswa imali okumele uyikhokhele isicelo.
c Imali ekhokhelwa ukufinyelela kumbhalo oqoshiwe iya ngendlela yokufinyelela efuniwe kanye nesikhathi esinomqondo esidingekela ukuphenya nokulungisa umbhalo oqoshiwe.
d Uma ungofanelwe ukuxolelwa ekukhokheni noma iyiphi imali, uyacelwa ukuthi ubeke isizathu salokho.
Uma ungakwazi ukufunda, ukubuka noma ukulalela umbhalo oqoshiwe ngendlela ehlinzekwe ku 1 kuya ku 4 ngezansi ngenxa yokukhubazeka, balula ukukhubazeka kwakho bese usho indlela ofuna ngayo umbhalo oqoshiwe.
Bonisa ngophawu "X" kwi ibhokisana elifanele.
a Ukubonisa kwakho indlela ofisa ukuthola ngayo ukufinyelela kuyoya nendlela ekukwazeka ukutholakala ngayo umbhalo oqoshiwe.
b Ukufinyelela ngendlela eceliwe kungenzeka kwenqatshwe kwezinye izimo. Uma kunjalo uyokwaziswa uma ukufinyelela kuyonikezwa ngenye indlela.
c Imali ekhokhelwa ukufinyelela kumbhalo oqoshiwe, uma ikhona, iyokhonjwa ngokwengxenye yindlela ukufinyelela okufunwa ngako.
Kukhokhwa imali yokuposa.
Qaphela ukuthi uma umbhalo oqoshiwe ungatholakali ngolwimi olukhethile, ukufinyelela kungakhishwa ngolwimi olukhona.
Ungafisa ukuwuthola ngaluphi ulwimi umbhalo oqoshiwe?
Uyokwaziswa ngencwadi ukuthi isicelo sakho siphumelele yini noma qha. Uma ufisa ukwaziswa ngenye indlela, uyacelwa ukuthi uyibalule bese uhlinzeka ngemininingwane edingekayo ukuze kuthobelwe isicelo sakho.
Ungafisa ukwaziswa kanjani ngesinqumo mayelana nesicelo sakho sokufinyelela kumbhalo oqoshiwe?
UNgqongqoshe wezobulungisa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo, ngaphansi kwesigaba 15 so Mthetho wokuphakamisa ukufinyelela Kulwazi, ka 2000 (UMthetho 2 ka 2000), wamemezela ukuthi imininingwane ekwisheduli (isheduli ekwisaziso sika Hulumeni sika 2001), iyatholakala kwi DWAF.
Ukwedluliselwa kwamandla kanye nemisebenzi ngokwenqubomgomo R.
Isaziso Sikahulumeni esingunombolo 1353, somhlaka 12 Novemba 1999 Umthetho Kazwelonke Wezamanzi (Umthetho 36 ka 1999): Ukumiswa kweqhinga lokubeka inani eliyintengo yokusetshenziswa kwamanzi ngokwesigaba 56 Somthetho Kazwelonke Wezamanzi.
Isaziso Sikahulumeni Esingunombolo 879, 16 Julayi 1999 Umthetho Kazwelonke Wezamanzi (Umthetho 36 ka 1998): Isimemo Sokubeka Imibono Ngezinqubomigomo ezihlongoziwe ezifuna ukuthi Ukusetshenziswa Kwamanzi kubhaliswe.
Umbiko wesikhashana Womhlolimabhuku Jikelele Wokuhlolwa Kwamabhuku Ezemvelo e Transvaal ezinto ezithile Zemithombo Yamanzi Anomsoco kanye Nezinsizakalo Zezamanzi.
Umthethomgomo wokulawulwa kwendawo ekuqoqekela kuyo amanzi emvula.
Uhlaka lweqembu leqhinga lokulawulwa kwendawo ekuqoqekela kuyo amanzi emvula.
Ulwazi olukwikhompiyutha lwamanzi anomsoco olwatholwa kusukela ngo 1960 kusuka ezindaweni zokulandelela ezisemanzini angaphansi noma ngaphezulu komhlaba elizweni lonke. Cishe amaphesenti angama 95 olwazi lwekhompiyutha lungamakhemikhali amakhulu kanye nokuthintekayo. Imiphumela yamanzi anomsoco miningi kangangezinhlotshana ezingu 139. Lungahlinzekelwa uhla lwalezinhlotshana.
Izifunda ezisezingeni eliphansi, eliphakathi neliphezulu (ibalazwe).
Ukubheka ukuphakama kwamanzi ezindaweini zokulinganisela, amathebula okukala kanye nobuningi obubaliwe bokuhamba kwamanzi amaningi kanye nezindawo zokuqoqeleka kwamanzi ezinkulu ENingizimu Afrika cishe kusukela ngo 1908 kuya phambili.
Ulwazi olukwikhompiyutha lokuhwamuka nokuna oluphuma ezindaweni zokulinganisela ezindaweni ezinkulu zokuqoqeleka kwamanzi.
Izinhlelo Zokuthuthukisa Izinsizakalo Zezamanzi Zeziphathimandla Zasekhaya. Izishicilelo ezibambekayo kuphela ezitholakalayo zeziphathimandla zasekhaya ezithile. Imininingwane enobunikazi engengakanani. Umthelela wolwazi ongobuncane.
Izinhlelo Zebhizinisi zomkhankaso omkhulu Wezinsizakalo Zezamanzi. Umthelela wolwazi. Yizishicilelo ezibambekayo kuphela ezitholakalayo.
Imibiko ebalulekile yobungoti kanye neziqondisi.
Imibiko Ephelele ngezindawo zokulawula amanzi angaphansi komhlaba.
Imininingwane ngomkhankaso Wokuhlolwa Kobunzulu bolwazi olukwikhompiyutha.
Iziqondisi zombiko wobuchwepheshe odingwa Ngumnyango Wezindaba Zezamanzi Namahlathi wokuphakamisa izinhlelo zokukhokhelwa kwe- RDP.
RDP: Iziqondisi zezindlela zokusabalaliswa kwamanzi ezindaweni ezingamaphandle, ukukhishwa kokuqala 1997.
Iziqondisi zokwenza isendlalelo nokuhlola uhlelo lwebhizinisi lamabhodi amanzi kanye nezitatimende zomthethomgomo.
Iziqondisi zokuxhumana Namabhodi Amanzi njengocwaningo lwezidingo zokuzihlola ubuqotho kwezinsizakalo Zezamanzi ekuhanjisweni kwezinsizakalo zikamasipala zezamanzi nezokuthuthwa kwendle.
Imenyu yezinsizakalo Amabhodi Amanzi angazenzela Omasipala.
Uphenyo ngesizinda esisha Samanzi eNingizimu Ntshonalanga Yekapa: Ukubuyekezwa kwemibono Yababambe iqhaza ngamaqhinga abhekene nophiko Lwezinsizakalo zezamanzi Eningizimu Ntshonalanga Nekapa. Umbhalo oqoshiwe Ngenqubo.
Isaziso Sikahulumeni Esingunombolo 1854, 10 August 1990 Somthetho Wezamanzi, ka 1956 (Umthetho 54 ka 1956): Imigomo yokunikezela ngoxhaso kubalimi, amabhodi okunisela kanye neziphathimandla zasekhaya ngezindleko eziphathelene nezinyathelo nemisebenzi ekumele yenziwe ngokomthetho othile wezokuphepha kwamadamu.
Izaziso Zosomqulu Kahulumeni ezimayelana nokumiswa kwezinhlangano ezintsha Zabasebenzisa amanzi kanye nokuguqulwa kwamabhodi okunisela abe yizinhlangano zabasebenzisa amanzi.
Ilayisensi yokusetshenziswa kwamanzi ekhishelwe ukuvimba noma ukuqhezula ukugeleza kwamanzi emgudwini wamanzi, njengoba kuchazwe kwisigaba 21(c) so Mthetho Kazwelonke Wezamanzi, ka 1998 (Umthetho 36 ka 1998).
Ilayisensi yokusebenzisa amanzi ngenhloso yokunciphisa ukugeleza kwexhaphozana ngenhloso yokutshala amahlathi ohwebo njengoba kuchazwe kwisigaba 21(d) esifundwa nesigaba 36 (a) so Mthetho Kazwelonke Wezamanzi, ka 1998 (Umthetho 36 ka 1998).
Ilayisensi yokusetshenziswa kwamanzi ekhishelwe ukusetshenziswa ezenzweni ezilawuliwe ezibonakaliswe kanjalo kwisigaba 37 noma ezimemezelwe ngaphansi kwesigaba 38 , njengoba kuchazwe kwisigaba 21(e) so Mthetho Kazwelonke Wezamanzi, ka 1998 (Umthetho 36 ka 1998).
Ilayisensi yokusetshenziswa kwamanzi ekhishelwe ukuhambisa udoti noma amanzi anodoti ahanjiswe ayiswe emthonjeni ngepayipi, ngomgudwana, ngepayipi lokukhipha ukungcola, umgudu ophumela olwandle noma omunye umgudu, njengoba kuchazwe kwisigaba 21(f) so Mthetho Kazwelonke Wezamanzi, ka 1998 (Umthetho 36 ka 1998).
Imvume yokutshala izihlahla ngenhloso yokuhweba ngazo ekhishwe ngokwesigaba 7 so Mthetho Wezamahlathi, ka 1984 (UMthetho 122 ka 1984).
Imvume yokuqalisa indawo yokulahlela udoti ekhishwe ngokwesigaba 20 so Mthetho Wezokuvikela Ezemvelo, ka 1989 (UMthetho 73 ka 1989).
Ukuxolelwa okukhishwe ngokwesigaba 21 so Mthetho Wezamanzi, ka 1956 (Umthetho 54 ka 1956) mayelana nokuhlanzwa noma ukwelashwa kwamanzi asetshenziselwa izinjongo zezimboni, sekuhlangene nanoma yikuphi ukungcola okungamanzi okudalwa yilokhu kusetshenziswa kanye nokuchithwa kwamanzi ahlanziwe noma elashiwe sekuhlangene namanzi atholwe kunoma yikuphi ukungcola okungamanzi.
Ilayisensi yokusetshenziswa kwamanzi ekhishelwe ukugudlula, ukususa noma ukuchitha amanzi atholakala ngaphansi komhlaba uma kudingekela ukuqhubeka ngomfutho nezenzakalo noma ukuphepha kwabantu, njengoba kuchazwe kwisigaba 21(j) so Mthetho Kazwelonke Wezamanzi, ka 1998 (UMthetho 36 ka 1998).
Ilayisensi ekhishelwe ukusetshenziswa kwamanzi ngenhloso yezokungcebeleka, njengoba kuchazwe kwisigaba 21(k) so Mthetho Kazwelonke Wezamanzi, ka 1998 (UMthetho 36 ka 1998).
Imininingwane ephathelene nomhlaba olawulwa Ngumnyango Wezindaba Zezamanzi namahlathi.
Imininingwane ephathelene namalungelo okusetshenzelwa ko Mnyango Wezindaba Zezamanzi namahlathi.
Isiqondisi senqubo Yolawulo Oludidiyele Lwezemvelo (IEM) njengoba lusetshenziswa Ngumnyango Wezindaba Zezamanzi Namahlathi.
Viva manzi amahle ahlanzekile. Viva mahlathi ahlangene aluhlaza.
